Isimo sezidalwa sasinjengamalahle omlilo avutha njengezibani , ahambahamba phakathi kwezidalwa ; umlilo wamenyezela, nasemlilweni kwaphuma unyazi.
Ngase ngibona lapho iWundlu livula ol unye lwezimpawu eziyisikhombisa, ngezwa esinye sezidalwa ezine sisho njengezwi lokuduma, sithi: Woza!
Esinye sezidalwa ezine sanika izingelosi eziyisikhombisa izitsha zegolide , zigcwele ulaka lukaNkulunkulu ophilayo kuze kube phakade naphakade.