Kuyakuthi ngezinsuku ezizay o intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba , iphakame kunamagquma , nezizwe zonke ziyakugobhozela khona.
Kuyakuba khona inala kakolweni ezwen i esiqongweni sezintaba ; ukudla kwalo kuyakuhashazela njengeLebanoni ; abemizi bayakukhahlela njengotshani bomhlaba.
Kepha kuyakuthi ngezinsuku ezizay o intaba yendlu kaJehov a iqiniswe esiqongweni sezintaba, iphakame kunamagquma, nabantu bayakugobhozela khona.
Niyakubalekela esigodini sezintaba za mi, ngokuba isigodi sezintaba siyakufinyelela e -Aseli, yebo, niyakubaleka njengalokho nabalekela ukuzamazama komhlaba ngezinsuku zika -Uziya inkosi yakwaJuda ; lapho kuzakufika uJehova uNkulunkulu wami nabo bonke abangcwele kanye nawe.