Azibeka izikhali zakhe endlini ka -Ashitaroti, abethela isidumbu sakhe ogangeni lwaseBeti Shani.
kwasuka onke amadoda anamandla , ahamba u busuku bonke , asithatha isidumbu sikaSawule , nezidumbu zamadodana akhe ogangeni lwaseBeti Shani, afika eJabeshi, azishisa khona.
UDavide waya wathatha amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe kubantu baseJabeshi Gileyadi ababewebile esigcawin i saseBeti Shani , lapho, amaFilisti ayebaphanyeke khona , mhla amaFilisti embulala uSawule eGilibowa.