Skip to Content

"shemeshi"

21 occurrences in ZUL

umkhawulo wajika usuka eBahala ngasentshonalanga , waya entabeni yaseSeyiri, wadlula waya eceleni kwentaba yaseJeharimi ngasenyakatho , eliyiKesaloni, wehlela eBeti Shemeshi, wadlula ngaseThimna;

wasuka enyakatho , waphuma e -Eni Shemeshi , waya eGeliloti elibhekene nommango wase-Adumimi, wehlela etsheni likaBohanu indodana kaRubeni;

umkhawulo wafinyelela eThabori , naseShahasuma, naseBeti Shemeshi ; ukuphuma komkhawulo wabo kwakuseJordani , imizi iyishumi nesithupha nemizana yayo.

neJireyoni, neMigidaliyeli, neHoremi, neBeti Anati, neBeti Shemeshi, imizi iyishumi nesishiyagalolunye nemizana yayo.

Umkhawulo wefa labo wawuyiSora, ne-Eshitawoli, ne-Iri Shemeshi,

ne-Ayini namadlelo alo, neJutha namadlelo alo, neBeti Shemeshi namadlelo alo, imizi eyisishiyagalolunye kulezo zizwe zombili.

UNafetali akaxoshanga abakhe eBeti Shemeshi nabakhe eBeti Anati , kepha wahlala phakathi kwamaKhanani ayakhe kulelo zwe ; kodwa abakhe eBeti Shemeshi naseBeti Anati basetshenziswa yibo.

Anobona, uma yenyuka ngendlela yasemkhawulweni wayo ukuya eBeti Shemeshi, nguye osenzele lobo bubi obukhulu ; kepha uma kungenjalo , siyakwazi ukuthi akusiso isandla sakhe esisishayileyo; sehlelwa ingozi nje.

Izinkomo zaqonda endleleni, zaya ngaseBeti Shemeshi, zahamba ngomendo, zihamba zikhala, zingaphambukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ; amakhosi amaFilisti azilandela, aze afika emkhawulweni waseBeti Shemeshi.

AbaseBeti Shemeshi babevuna ukolweni esigodini, baphakamisa amehlo abo, bawubona umphongolo, bathokoza ukuwubona.

Inqola yangena ensimini kaJoshuwa waseBeti Shemeshi, yema khona, lapho kwakukhona itshe elikhulu ; babanda inqola yaba yizinkuni , banikela ngezinkomo zaba ngumnikelo wokushiswa kuJehova.

AmaLevi ayethulile umphongolo kaJehova nebhokisi elalinawo , okwakukulo impahla yegolide , akubeka etsheni elikhulu ; abantu baseBeti Shemeshi banikela ngeminikelo yokushiswa , bahlabela uJehova imihlatshelo ngalolo suku.

namagundane ego lide ayenjengomumo wemizi yonke yamaFilisti yamakhosi ayisihlanu , imizi ebiyelweyo nemizana yasemaphandleni , okubufakazi bakho kuyitshe elikhulu abawubeka kulo umphongolo kaJehova, elikhona nanamuhla ensimini kaJoshuwa waseBeti Shemeshi.

Wabulala abantu baseBeti Shemeshi , ngokuba babebukile umphongolo kaJehova; wabulala kubantu amadoda angamashumi ayisikhombisa emadodeni ayizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu ; abantu balila , ngokuba uJehova wabulala abantu ngokubulala okukhulu.

noBeni-Dekeri eMakhasi , naseShahalabimi, naseBeti Shemeshi , nase-Eloni Beti Hanani,

Kepha u -Amasiya akalalelanga . Wayesenyuka uJehowashi inkosi yakwa - Israyeli; yena no-Amasiya inkosi yakwaJuda babhekana ubuso nob uso eBeti Shemeshi elingelakwaJuda.

UJehowashi, inkosi yakwa -Israyeli, wambamba u -Amasiya inkosi yakwaJuda, indodana kaJehowashi , ka-Ahaziya, eBeti Shemeshi , wafika eJerusalema, wadiliza ugange lwaseJerusalema, kusukela eSangweni lakwa - Efrayimi kuze kube seSangweni laseGumbini, izingalo ezingamakhulu amane.

Wayesekhuphuka uJowashi inkosi yakwa -Israyeli; yena no-Amasiya inkosi yakwaJuda babhekana ubuso nobuso eBeti Shemeshi elingelakwaJuda.

UJowashi inkosi yakwa -Israyeli wambamba u -Amasiya inkosi yakwaJuda indodana kaJo washi kaJehowahazi eBeti Shemeshi , wamyisa eJerusalema, wadiliza ugange lwaseJerusalema kusukela eSangweni lakwa -Efrayimi kuze kube seSangweni Lasegumbini, izingalo ezingamakhulu amane.

NamaFilisti ayengenele imizi yasehlanzeni neyaseningizimu yakwaJuda , athatha iBeti Shemeshi, ne-Ajaloni, neGederoti, neSoko kanye nemizana yalo, neThimna nemizana yalo, neGimizo nemizana yalo; ahlala khona.

Uyakwaphula izinsika zaseBeti Shemeshi elisezweni laseGibithe ; izindlu zawonkulunkulu baseGibithe uyakuzishisa ngomlilo.