Sisindise, Jehova Nkulunkulu wethu, sibuthe kwabezizwe ukuba sidumise igama lakho elingcwele, sethabe ekukudumiseni.
Ngokuba umuntu omuhle kuNkulunkulu uyamnika ukuhlakanipha , nokwazi, nentokozo, kepha isoni usinika usizi lokuba sibuthe , siqongelele, ukuze simnike yena omuhle kuNkulunkulu. Nalokho kuyize nokufuna umoya.