Wathi kumalunga: Manisihlalele lapha, size sibuyele kini; bhekani, o-Aroni noHure bakini; yilowo nalowo onendaba makaye kubo.
Bathi omunye komunye: Masibeke induna, sibuyele eGibithe.
Masiphenye, sicinge izindlela zethu, sibuyele kuJehova.
Amalunga akwaGileyadi athi kuJefta: Sibuyele kuwe manje ngalokhu ukuba uhambe nathi, ulwe nabantwana bakwa -Amoni, ube yinhloko phezu kwabo bonke abakhe kwaGileyadi.
Wozani sibuyele kuJehova, ngokuba yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; usishayile, uyakusibopha.
Wakhubekisa abaningi, yebo, bawa omunye phezu komunye, bathi: Sukani, sibuyele kubantu bakith i nasezweni lokuzalwa kwethu , sisuke enkembeni ecindezelayo.