Kepha ezwa ukuthi sekubusa u -Arkelawu eJudiya esikhundleni sikaHerode uyise, wesaba ukuya khona; eseyaliwe nguNkulunkulu ngephupho wamuka waya kwelaseGalile;
Esethole ukwazi ukuthi ungowesifunda sikaHerode , wamthumela kuHerode owayekhona naye eJerusalema ngalezo zinsuku.
UPetru esesangulukile wathi : Manje sengiyazi ngeqiniso ukuthi iNkosi ithumile ingelosi yayo , yangikhulula esandleni sikaHerode nakukho konke okubhekwe yisizwe sabaJuda.