Skip to Content

"sikajowabe"

5 occurrences in ZUL

Yathi-ke inkosi : Isandla sikaJowabe sinawe yini kukho konke lokhu na ? Owesifazane waphendula wathi: Kuphila kwakho, nkosi yami, nkosi, akukho muntu ongaphendukela ngakwesokunene nangakwesokhohlo kukho konke okukhulunywe yinkosi yami , inkosi, ngokuba inceku yakho uJowabe yangiyaleza, yafunza onke lawo mazwi emlonyeni wencekukazi yakho;

U-Abisalomu wabeka u-Amasa phezu kwempi esikhundleni sikaJowabe. U- Amasa wayeyindodana yomuntu ogama lakhe lalingu -Itira umIsrayeli , owangena ku -Abigali indodakazi kaNahashi , udadewabo kaSeruya unina kaJowabe.

UDavide wamukisa abantu , inxenye yesithathu iphansi kwesandla sikaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika -Abishayi indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika- Ithayi umGiti. Inkosi yathi kubantu: Nami ngiyakuphuma nokuphuma nani.

Yishoni ku -Amasa ukuthi : Angithi uyithambo lami nenyama yami na ? Makenze njalo kimi uNkulunkulu , enezele futhi , uma ungayikuba yinduna yempi ngaphambi kwami njalo esikhundleni sikaJowabe.

Kodwa u-Amasa akayinakanga inkemba eyayisesandleni sikaJowabe ; wamgwaza ngayo esiswini , wachithela izibilini zakhe emhlaba thini; wafa engamphindanga. OJowabe no -Abishayi umfowabo bamxosha uSheba indodana kaBikri.