Yebo, noma kusekhona inxenye yeshumi kulo , yona iyakubuye ishiswe njengomtherebinte ne-oki okusiqu sakho simi lapho kugawulwa khona; inzalo engcwele iyisiqu sakho.
Isihlalo sakhe sobukhosi simi siqinile kwasendulo ; wena ukhona kwaphakade.
Ngakho simi isibindi ngesikhathi sonke , sazi ukuthi, nxa ikhaya lethu lise semzimbeni, sahlukene nekhaya eliseNkosini;
simi isibindi, singathanda kakhulu ukwahlukana nekhaya elisemzimbeni , sihlale ekhaya eliseNkosini.
Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi, sinalolu phawu lokuthi : INkosi iyabazi abangabayo, nokuthi: Yilowo nalowo ophatha igama likaKristu makadede kukho ukungalungi.
Emva kwalokho ngabona , bheka-ke, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa muntu, sivela kuzo zonke izizwe , nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu , sembethe izingubo ezinde ezimhlophe, siphethe amahlamvu esundu ngezandla zaso,