Kepha mina nganginjengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni ; ngangingazi ukuthi bangicebela amacebo , bethi: Masiwuchithe umuthi kanye nezithelo zawo, simnqume ezweni labaphilayo, igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.
Udumo lukaMowabi alusekho ; eHeshiboni bacebe okubi ngaye ngokuthi : Wozani simnqume , angabe esaba yisizwe . Nawe Madimeni uyakuthuliswa , inkemba ikulandele.