Kwase kusondela kuye induna yomkhumbi , yathi: Unani wena olele ubuthongo na? Vuka, ubize uNkulunkulu wakho; mhlawumbe lo Nkulunkulu uyakusikhumbula ukuba singabhubhi.
Ngubani owaziyo uma uNkulunkulu engayikubuya , azisole, abuye ekufutheni kwentukuthelo yakhe, size singabhubhi, na?
aniqondi futhi ukuthi kunilungele ukuba umuntu oyedwa afele abantu , isizwe sonke singabhubhi.