U-Asa wakhala kuJehova uNkulunkulu wakhe , wathi: Jehova, akakho ngaphandle kwakho ongasiza phakathi konamandla amak hulu nongenawo ; sisize, Jehova Nkulunkulu wethu , ngokuba sencika kuwe , sifike ngegama lakho kulesi sixuku . Jehova, wena unguNkulunkulu wethu , mawungahlulwa muntu.
Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu , ngenxa yenkazimulo yegama lakho ; usikhulule, usithethelele izono zethu ngenxa yegama lakho.