Kusasa niyakusondezwa ngezizwe zakini ; kuyakuthi isizwe asithathay o uJehova sisondele ngemindeni; umndeni awuthathayo uJehova uyakusondela ngezindlu; indlu ayithathayo uJehova iyakusondela ngabantu.
Yayisithi encekwini : Woza, sisondele kwenye yalezi zind awo; siyakulala eGibeya noma eRama.
Abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka, bakhala phambi kukaNkulunkulu kwaze kwahlwa ; babuza kuJehova , bathi: Siyakuphinda sisondele ukulwa nabantwana bakwaBenjamini umfowethu na ? UJehova wathi : Yenyukelani kuye.