Umkhiwane u thela amakhiwane awo aluhlaza , imivini inezimbali , ithaphuka iphunga layo ; vuka, sithandwa sami , muhlekazi wami ; woza sihambe. Umnyeni:
Umuhle, sithandwa sami, njengeTirisa, umnandi njengeJerusalema, kepha wesabeka njengezimpi.
Ngikufanisa nehhashi lensikazi lezinqola zikaFaro, sithandwa sami.
Bheka, umuhle, sithandwa sami! Bheka, umuhle! Unamehlo amajuba. Umakoti:
Othandiweyo wami wakhuluma , wathi kimi : Vuka, sithandwa sami , muhlekazi wami; woza sihambe,
Bheka, umuhle, sithandwa sami! Bheka, umuhle! Unamehlo amajuba emva kwemvakazi yakho ; izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuz i owehla entabeni yakwaGileyadi.
Umuhle wonke, sithandwa sami, akukho sisihla kuwe.
Bengilele, kepha inhliziyo yami ibiphapheme ; kuyizwi lothandiweyo wami elingqongqotha lithi : Ngivulele, dadewethu, sithandwa sami , juba lami , opheleleyo wami, ngokuba ikhanda lami ligcwele amazolo , nesihluthu sami amaconsi asebusuku.
Sithandwa, kunakho konke ngikufisela ukuba ube nenhlanhla nokuphila , njengokuba umphefumulo wakho unenhlanhla.
Sithandwa, wenza okuthembekileyo ngalokho okwenzele abazalwane nokuba bengabafo
Sithandwa, ungalandeli okubi kodwa okuhle . Owenza okuhle ungokaNkulunkulu; owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.