Futhi sazimisela umthetho wokuba sithele inxenye yesithathu yeshekeli ngomnyaka, ibe ngeyomsebenzi wendlu kaNkulunkulu wethu,
Beza bathi kuye : Mfundisi, siyazi ukuthi uqinisile nokuthi awukhathali ngamuntu, ngokuba awubheki ubuso babantu , kodwa indlela kaNkulunkulu uyifundisa ngeqiniso . Kuvunyelwe ukuthela kuKesari noma qha ? Sithele nokuba singatheli na?