Skip to Content

"sixuku"

7 occurrences in ZUL

Kodwa lesi sixuku esingawazi umthetho siqalekisiwe.

Bheka, kwasondela umprofethi ku-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli, wathi: Usho kanje uJehova, uthi: Uyasibona sonke lesi sixuku na ? Bheka, ngiyakusinikela esandleni sakho namuhla, uze wazi ukuthi mina nginguJehova.

Wayesesondela umuntu kaNkulunkulu, wathi enkosini yakwa-Israyeli: Usho kanje uJehova , uthi: Ngokuba ama -Aramu eshilo ukuthi uJehova ungunkulunkulu wezintaba , kasiye unkulunkulu wezigodi , ngiyakusinikela sonke lesi sixuku esikhulu esandleni sakho, nize nazi ukuthi nginguJehova.

U-Asa wakhala kuJehova uNkulunkulu wakhe , wathi: Jehova, akakho ngaphandle kwakho ongasiza phakathi konamandla amak hulu nongenawo ; sisize, Jehova Nkulunkulu wethu , ngokuba sencika kuwe , sifike ngegama lakho kulesi sixuku . Jehova, wena unguNkulunkulu wethu , mawungahlulwa muntu.

Nkulunkulu wethu, awuyikubahlulela na? Ngokuba asinamandla ebusweni balesi sixuku esikhulu esisifikelayo ; futhi asazi ukuthi siyakwenze njani , kodwa amehlo ethu akuwe.

wathi: Yizwani nina nonke bakwaJuda, nabakhileyo eJerusalema , nawe nkosi Jehoshafati : usho kanje kini uJehova , uthi: Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu , ngokuba impi ayisiyo eyenu , ngekaNkulunkulu.

Ngiyasihawukela i sixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi , singenanto yokudla.