Siyakholwa, siyazi ukuthi wena ungoNgcwele kaNkulunkulu.
Kalokhu siyazi ukuthi waz i konke , awudingi ukuba umuntu akubuze ; ngalokho siyakholwa ukuba wavela kuNkulunkulu.
Kepha siyakholwa ukuthi sisindiswa ngomusa weNkosi uJesu ngandlelanye nabo.
Kepha uma safa kanye noKristu , siyakholwa ukuthi siyakuphila futhi kanye naye,
Lokhu sinawo lo moya wokukholwa , njengokulotshiweyo ukuthi : Ngakholwa, ngakho ngakhuluma, nathi siyakholwa, ngakho-ke siyakhuluma,