Ngidonse emva kwakho, sigijime; inkosi isingingenisile emakamelweni ayo. Abangane: Siyakujabula, sithokoze ngawe, sikhulume ngothando lwakho kunewayini. Umakoti: Kufanele ukuba bakuthande.
Kuyakuthiwa ngalolo suku : Bheka, lo unguNkulunkulu wethu ; simhlalele, uyakusisindisa; lo unguJehova ; simhlalele; siyakujabula, sithokoze ngensindiso yakhe.