Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuye : Siyakukhuphuka ngomgwaqo; uma siphuza amanzi akho , mina nezinkomo zami , ngiyakukhokhela imali yawo . Mangidabule nje ngezinyawo zami, kungabi ngokunye.
Nase niphendula , nithi kimi : S onile kuJehova ; siyakukhuphuka silwe njengakho konke asiyala ngakho uJehova uNkulunkulu wethu . Nabhincisa, kwaba yilowo nalowo izikhali zakhe zokulwa ; kwase kuba lula kini ukuba nikhuphukele entabeni.