Sibuyise, Nkulunkulu, ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.
Sibuyise, Nkulunkulu Sebawoti , ukhanyise ubuso bakho , khona siyakusindiswa.
Sibuyise, Jehova Nkulunkulu Sebawoti ; ukhanyise ubuso bakho , khona siyakusindiswa.
Wahlangabeza labo ababethokoza ng okwenza ukulunga , labo abakukhumbulayo ezindleleni zakho. Wena wathukuthela, thina sona; sahlala kukho nasendulo; siyakusindiswa na?
Ngakho kakhulu sesilungisisiwe ngegazi lakhe , siyakusindiswa ngaye olakeni.
Ngokuba uma sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe sise yizitha , ikakhulu siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana;