Wabalandisa uyise nabafowabo; uyise wamsola, wathi kuye: Yiphupho lini leli oliphuphileyo na ? Impela mina nonyoko nabafowenu siyakuza , sikukhothamele emhlabathini na?
UJesu waphendula, wathi kuye: Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.