Skip to Content

"siye"

34 occurrences in ZUL

Wozani sehle , siye ukusanganisa ulimi lwabo ukuba bangezwani , kube yilowo nalowo ulimi lomunye.

Bayakulalela izwi lakho; uyakufika wena kanye namalunga akwa -Israyeli enkosini yaseGibithe , nithi kuyo : U Jehova, uNkulunkulu wamaHeberu , uhlangene nathi; ake sihambe manje ibanga lezinsuku ezintathu , siye ehlane, sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu.

Base bethi : UNkulunkulu wamaHeberu uhlangene nathi ; ake sihambe ibanga lezinsuku ezintathu , siye ehlane , sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu, funa asehlele ngesifo nangenkemba.

Siyakuhamba ibanga lezinsuku ezintathu , siye ehlane , sihlabele uJehova uNkulunkulu wethu, njengalokho ezakusiyala.

Woza wena othandiweyo wami, siye endle, silale emizaneni.

Masivuke ekuseni, siye ezivinini, sibone uma umvini uqhakazile , nezimbali zawo uma zivulekile, namapomegranati uma ekhahlele. Lapho ngiyakukunika uthando lwami.

UBalaki wayesethi kuye : Ake uze nami , siye kwenye indawo , lapho ungababona khona ; uyakubona inxenye yabo kuphela , ungaboni bonke ; ungiqalekisele bona uselapho.

Siyakuwela, siye ezweni laseKhanani phambi k ukaJehova sihlomile , izwe lefa lethu lisale nokho ngaphesheya kweJordani.

Lesi sinkwa somphako wethu sasithatha sisashisa ezindlini zethu ngosuku esaphuma ngalo ukuba siye kini; kepha manje, bhekani, sesomile, sikhuntile;

UJuda wayesethi kuSimeyoni umfowabo : Khuphuka nami, siye esabelweni sami, silwe namaKhanani , nami ngiye esabelweni sakho . USimeyoni wayesehamba naye.

U-Israyeli wayesethuma izithunywa kuSihoni inkosi yama -Amori, inkosi yaseHeshiboni; u-Israyeli wathi kuye: Ake sidabule izwe lakho, siye endaweni yethu.

UJonathani wathi kuDavide : Woza siye endle . Baphuma bobabili , baya endle.

Endulo kwa -Israyeli, lapho umuntu ebeyakubuza kuNkulunkulu , washo wathi: Woza siye kumboni ; ngokuba lo othiwa umprofethi manje wabizwa kuqala ngokuthi umboni.

USamuweli wayesethi kubantu: Wozani siye eGiligali, sibuye sivuse umbuso khona.

Kwathi ngosuku oluthile uJonathani indodana kaSawule wathi odibini oluphethe izikhali zakhe : Woza siwele , siye ekhandeni lamaFilisti elingaphesheya. Kepha akamtshelanga uyise.

UJonathani wathi odibini lwakhe oluphethe izikhali zakhe : Woza siwele , siye ekha ndeni lalabo abangasokile ; ingabe uJehova uyakusisebenzela , ngokuba akukh o okumthiyayo uJehova ukuba asindise ngabaningi noma ngabayingcosana.

Wayesethi uJonathani kuye : Bheka, siyakuwela, siye kulabo bantu , sizibonakalise kubo.

Yayisithi inkosi kulowo muntu kaNkulunkulu : Woza siye ekhaya , uzihlumelele, ngikuphe isipho.

Wayesethi kuye: Woza siye ekhaya, uthole ukudla.

Kepha izinceku zakhe zathi ku ye: Bheka, sizwile ukuthi amakhosi endlu yakwa-Israyeli angamakhosi anomusa ; ake sembathe izindwangu zamasaka ezinkalweni zethu nezintambo emakhanda ethu , siphume, siye enkosini yakwa-Israyeli; mhlawumbe iyakusindisa ukuphila kwakho.

Masihambe siye eJordani, sithathe khona, kube yilowo nalowo umshayo ube munye, senzele khona indawo esingahlala kuyo. Wathi: Hambani.

U-Ahabi inkosi yakwa -Israyeli wathi kuJehoshafati inkosi yakwaJuda : Uyakuhamba nami , siye eRamoti Gileyadi , na? Wathi kuye: Mina nginjengawe, abantu bami banjengabantu bakho; siyakuba nawe empini.

Inkosi yakwa -Israyeli yayisibutha abaprofethi , amadoda angamakhulu amane, yathi kubo : Sihambe siye yini eRamoti Gileyadi ukulwa, noma ngiliyeke na ? Bathi: Khuphukani, ngokuba uNkulunkulu uyakul inikela esandleni senkosi.

Sase sisuka emfuleni i -Ahava ngolweshumi nambili lwenyanga yokuqala ukuba siye eJerusa lema; isandla sikaNkulunkulu wethu sasiphezu kwethu , wasophula esandleni sesitha nakumqamekeli endleleni.

Ngokuba akasiye umuntu onjengam i ukuba ngingase ngimphendule , siye kanyekanye ekwahlulelweni.

Besiyakuliphilisa iBabele, kepha aliphiliswanga; lishiyeni, masihambe siye, kube yilowo nalowo ez weni lakubo , ngokuba ukwahlulelwa kwalo kufinyelela ezulwini, kuphakanyisiwe nasemafwini.

Wathi kuzo : Lokhu kwenziwe ngumuntu oyisitha . Izisebenzi zathi kuye : Uthanda ukuba siye ukulubutha na?

Ngalolo suku sekuhlwile, wathi kubo: Asiwele siye ngaphesheya.

Ngosuku lokuqala lwesinkwa esingenamvubelo okwakuhlatshwa ngalo iphasika abafundi bakhe bathi kuye: Uthanda ukuba siye silungiselephi ukuba udle iphasika na?

Kwathi-ke ngolunye lwalezo zinsuku wangena emkhunjini , yena kanye nabafundi bakhe, wathi kubo: Asiwele siye ngaphesheya kolwandle . Basuka- ke.

Emva kwalokho wathi kubafundi bakhe: Asibuye, siye eJudiya.

Kwathi sekunqunyiwe ukuba siye e -Italiya ngomkhumbi, banikela uPawulu nezinye iziboshwa ezithile enduneni yekhulu , igama layo linguJuliyu , eyebutho likaKesari.

bathi ukubona umusa engiwuphiweyo , oJakobe noKhefase noJohane , ababaziswa ngokuthi bayizinsika , banika mina noBarnaba isandla sokunene sokuhlangana ukuba thina siye kwabezizwe, kepha bona baye kwabasokayo,

Isilo owasibonayo sasikhona , asisekho; kepha sesizakwenyuka , siphuma kwalasha, siye ekubhujisweni; nabakhileyo emhlabeni bayakumangala , labo abamagama abo angalotshwanga encwadini yokuphila , selokhu kwasekelwa izwe, nxa bebona isilo ukuthi sasikhona , kepha asisekho , kanti sizakuba khona.