Base befika nabafowabo , bawa phansi ebusweni bakhe , bathi: Bheka, siyizinceku zakho.
Bathi kuJoshuwa : Siyizinceku zakho . UJoshuwa wathi kubo : Ningobani, futhi nivelaphi na?
Amalunga ethu nabo bonke abakhileyo ezweni lakithi bakhuluma kithi , bathi: Phathani ezandleni zenu umphako wendlela , niye nibahlangabeze , nithi kubo: Siyizinceku zenu; manenze isivumelwano nathi.
Umphathi wendlu nomphathi womuzi kanye namalunga nabondli bathumela kuJehu, bathi: Siyizinceku zakho , siyakwenza konke oyakusitshela khona ; asiyikwenza muntu abe yinkosi; yenza okuhle emehlweni akho.
Babuyisela impendulo kithi , bathi: Thina siyizinceku zikaNkulunkulu wezulu nomhlaba, sakha indlu ekade yakhiwa sekudlule iminyaka eminingi, eyakhiwa yinkosi enkulu yakwa-Israyeli, yaqedwa.
Bheka, siyizinceku namuhla, nezwe owalinika obaba ukuba badle izithelo zalo nokuhle kwalo, bheka, siyizinceku kulo.