Skip to Content

"sobuso"

8 occurrences in ZUL

Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho , uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo ; ngokuba ungumhlabathi , uyakuphenduka umhlabathi.

Kwathi uMose esehla entabeni yaseSinayi , izibhebhe zombili zobufakazi zisesandleni sikaMose esehla entabeni , uMose wayengazi ukuthi isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula ngenxa yokukhuluma kwakhe naye.

Bathi u -Aroni nabo bonke abantwana bakwa -Israyeli bembona uMose , bheka, isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula, besaba ukusondela kuye.

Abantwana bakwa -Israyeli babubona ubuso bukaMose ukuthi isikhumba sobuso bukaMose sasikhazimula; uMose wayesebuye walifaka iveli ebusweni bakhe waze wangena ukuyokhuluma naye.

Isimo sobuso bazo sasingubuso bomuntu, zozine zinobuso bengonyama ngakwesokunene, zozine zinobuso benkomo ngakwesokhohlo , zozine zinobuso bokhozi futhi.

Isimo sobuso bawo, bona babungubuso engabubona ngasemfuleni iKhebari, ukubonakala kwabo , yebo, bona uqobo lwabo ; yilelo nalelo lahamba ngokuqonda kobuso balo.

Khona uNebukadines ari wagcwala ukufutheka , nesimo sobuso bakhe saguquka ngenxa yoShadiraki , noMeshaki, no-Abedi Nego ; wakhuluma wayaleza ukuba isithando somlilo sishiswe kasikhombisa ngaphezu kwalokho okuke kwabonwa sishiswa ngakho.

Kwathi ekukhulekeni kwakhe isimo sobuso bakhe saba ngesinye, nezingubo zakhe zaba mhlophe, zacwebezela.