Igazi liyakuba luphawu lwenu ezindlini lapho nikhona ; nanxa ngibona igazi, ngiyakudlula kini, ningehlelwa yisifo soku nibhubhisa, lapho ngibulala izwe laseGibithe.
Ngalokho uma kukuhle enkosini , makucingwe endlini yengcebo yenkosi elapho eBabele ukuba kunjalo yini ukuthi uKoresi inkosi wakhipha isimemezelo soku ba kwakhiwe le ndlu kaNkulunkulu eJerusalema ; inkosi mayithume kithi inhloso yayo ngalokho.