Ngiyakuhlangana nawe khona , ngikhulume nawe , ngiphezu kwesihlalo somusa emkhathini wamakherubi amabili aphezu komphongolo wobufakazi , ngakho konke engiyakukuyala ngakho ukuba ubatshele abantwana bakwa - Israyeli. Itafula lesinkwa sokubukwa
Wobeka njalo phambi kwami etafuleni isinkwa sokubukwa.
Umpristi wayesemnika isinkwa esingcwele , ngokuba kwakungekho sinkwa lapho, isinkwa sokubukwa kuphela , ebesisusiwe phambi kukaJehova ukuba kubekwe isinkwa esisashisayo mhla sisuswa.
bamshisela uJehova iminikelo yokushiswa nempepho ethaphukayo ekuseni nakusihlwa njalo , basihlela isinkwa sokubukwa etafuleni elihlanzekileyo , bokhela uthi lwezibani lwegolide nezibani zalo kusihlwa njalo, ngokuba thina sigcina imfanelo kaJehova uNkulunkulu wethu, kepha nina nimshiyile.
eyesinkwa sokubukwa kanye nomnikelo wempuphu wemihla yonke nomnikelo oshiswa imihla yonke , neyamasabatha, neyokwethwasa kwenyanga, neyemikhosi emisiweyo , neyezinto ezingcwele , neyeminikelo yezono, ukuba kwenziwe ukubuyisana kuka -Israyeli nomsebenzi wonke wendlu kaNkulunkulu wethu.