Skip to Content

"sokuthula"

9 occurrences in ZUL

Ngalokho yisho ukuthi: Bheka, ngiyamnika isivumelwano sami sokuthula;

Futhi wena uyazi okwenziwayo kimi nguJowabe indodana kaSeruya , nalokho akwenzayo kuzo izinduna ezimbili zezimpi zak wa-Israyeli, o-Abineri indodana kaNeri no-Amasa indodana kaJetheri, owababulala, wachitha igazi lokulwa ngesikhathi sokuthula , wabeka igazi lokulwa kulo ibhande lakhe elalisokhalweni lwakhe nasezicathulweni zakhe ezazisezinyaweni zakhe.

isikhathi sokuklebhula nesikhathi sokuthunga, isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma;

Yebo, izintaba zingamuka , namagquma angasuswa , kepha umusa wami awuyikumuka kuwe , nesivumelwano sami sokuthula asiyikususwa , usho uJehova okuhawukelayo.

Ngiyakwenza nazo isivumelwano sokuthula , ngiqede izilwane ezimbi ezweni, zihlale zilondekile ehlane, zilale emahlathini.

Ngiyakwenza isivumelwano sokuthula nabo , sibe yi sivumelwano esiphakade nabo; ngiyakubamisa, ngibandise, ngibeke indlu yami engcwele phakathi kwabo kuze kube phakade.

Esikhundleni sakhe kuyakuvela odelelekileyo abangamnikanga udumo lobukhosi; uyakufika ngesikhathi sokuthula, athathe umbuso ngobushelezi.

Ngesikhathi sokuthula uyakusukela izindawo ezinonileyo zesifunda , akwenze okungenziwanga ngoyise nangoyisemkhulu : uyakuhlakaza phakathi kwabo impango , nengcugco, nempahla, acebe amacebo ngezinqaba kube yisikhathi.

nikhuthalele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula;