"sokuvuna"
14 occurrences in ZUL
Ngesikhathi sokuvuna ukolweni uRubeni waya wafumana amamandragora endle, wawayisa kunina uL eya. URaheli wayesethi kuLeya : Ake ungiphe amamandragora endodana yakho.
Kodwa kwathi emva kwesikhathi, ngesikhathi sokuvuna ukolweni, uSamsoni wahambela umkakhe enezinyane lembuzi ; wathi: Ngiyakungena kumkami ekamelweni. Kepha uyise kavumanga ukuba angene.
Angithi kuyisikhathi sokuvuna ukolweni namuhla na ? Ngiyakukhuleka kuJehova ukuba athume ukuduma nemvula , nazi, nibone ukuthi okubi kwenu enikwenzile emehlweni kaJehova ngokucela inkosi kukhulu.
wabanikela ezandleni zabaseGibeyoni , babaphanyeka entabeni phambi kukaJehova, bawa labo abayisikhombisa kanyekanye ; babulawa ngesikhathi sokuvuna ezinsukwini zokuqala ngasekuqaleni kokuvunwa kwebhali.
Kwehla abathathu kwaba yizinhloko ezingamashumi amathathu , bafika kuDavide ngesikhathi sokuvuna emhumeni wase -Adulamu; impi yamaFilisti yayimise esiGodini samaRefa.
Obutha ehlobo uyindodana ehlakaniphileyo ; olele ubuthongo ngesikhathi sokuvuna uyindodana ehlazisayo.
Ngokuba uJehova ushilo kimi kanje , wathi: Ngiyakubheka ngithule , ngisendaweni yami , njengokubalela okukhazimula ekukh anyeni kwelanga , njengefu lamazolo ekufudumaleni ngesikhathi sokuvuna.
Nqumani umhlwanyeli eBabel e nobamba isikela ngesikhathi sokuvuna ; ngenxa yenkemba ecindezelay o yilowo nalowo uyakubheka abantu bakhe , yilowo nalowo abalekele ezweni lakubo.
Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Indodakazi yaseBabele injengesibuya ngesikhathi sokunyathelwa kwaso; kuse yisikhashana, sizakufika kuyo isikhathi sokuvuna.