Skip to Content

"sokwahlulela"

16 occurrences in ZUL

Uyakwenza isihlangu sesifuba sokwahlulela, kube ngumsebenzi wengcweti, usenze njengokusetshenzwa kwengubo yamahlombe ngegolide , nangokuluhlaza nan gokububende nangokubomvu , nangelineni el icolekileyo lemicu ephothiweyo.

Ufake esihlangwini sesifuba sokwahlulela i-Urimi neThumimi, ahlale phezu kwenhliziyo ka -Aroni, nxa engena phambi kukaJehova ; u-Aroni athwale ukwahlulelwa kwabantwana bakwa-Israyeli phezu kwenhliziyo yakhe phambi kukaJehova njalo.

uye kubapristi bamaLevi , nakumahluleli oyakuba khona ngalezo zinsuku , ukuze bakutshele isinqumo sokwahlulela,

Inkosi ehlezi esihlalweni sokwahlulela ihlakaza konke okubi ngamehlo ayo.

Yizixuku ngezix uku esigodini sokwahlulela , ngokuba usuku lukaJehova lusondele esigodini sokwahlulela.

Esahlezi esihlalweni sokwahlulela , umkakhe wathumela kuye , wathi: Ungabi nandaba kulowo muntu olungileyo ; ngokuba ngihluphekile kakhulu namuhla ngaye ephusheni.

Kuthe uPilatu esezwa lawo mazwi wamkhiphela ngaphandle uJesu; wahlala esihlalweni sokwahlulela endaweni ethiwa eGandaywe ngamatshe kodwa ngesiHeberu iGabatha.

Kwathi uGaliyu engumbusi wase -Akhaya, abaJuda bamvukela uPawulu nganhliziyonye, bamyisa phambi kwesihlalo sokwahlulela,

Wayesebaxosha esihlalweni sokwahlulela.

Khona bonke bambamba uSostene umphathi wesinagoge, bamshaya phambi kwesihlalo sokwahlulela; kodwa uGaliyu akaze anaka lutho lwalokho.

Kwathi esehlale nabo izinsuku ezingaphezu kweziyisishiyagalombili nokuba eziyishumi, wehlela eKesariya ; ngangomuso wahlala esihlalweni sokwahlulela, wayala ukuba uPawulu alethwe.

UPawulu wayesethi : Ngimi phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKesari , lapho ngimelwe ukwahlulelwa khona . Angenzanga okungalungile kubaJuda njengalokhu nawe wazi kahle.

Ngakho sebebuthene lapha , angilibalanga; ngangomuso ngahlala esihlalweni sokwahlulela, ngayala ukuba leyo ndoda ilethwe;

Kepha wena umahlulelelani umzalwane wakho na ? Futhi umdelelelani umzalwane wakho na ? Ngokuba sonke siyakumiswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaNkulunkulu.

Ngokuba thina sonke simelwe ukubonakaliswa phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu , ukuze yilowo nalowo amukele njengalokho akwenzileyo esesemzimbeni, noma okuhle noma okubi. Ubukhulu benkonzo yokubuyisana

okuyisiboniso sokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu , ukuze kuthiwe ningabalungele umbuso kaNkulunkulu enihlupheka ngenxa yawo,