inhlangano imophule umbulali esandleni somphindiseli wegazi, inhlangano imbuyisele emzini wakhe wokuphephela lapho ebebalekele khona , ahlale kuwo aze afe umpristi omkhulu owayegcotshiwe ngamafutha angcwele.
amalunga alowo muzi ayakuthuma amlande lapho , amnikele esandleni somphindiseli wegazi ukuba afe.
Leyo yayiyimizi emis elwe bonke abantwana bakwa -Israyeli nabafokazi ababegogobele phakathi kwabo , ukuze yilowo nalowo obulele umuntu ngesiphosiso abaleke le khona , angafi ngesandla somphindiseli wegazi , aze eme phambi kwenhlangano.