UJuda wathuma izinyane lembuzi ngesandla somhlobo wakhe wase - Adulamu ukuba athathe isibambiso esandleni sowesifazane , kepha akamfumananga.
Umpristi uyakuthatha umnikelo wempuphu wesikhwele esandleni sowesifazane, azulise umnikelo wempuphu phambi kukaJehova, awulethe e- altare;
Wathi kuye: Impela ngiyakuhamba nawe, kodwa indlela oyakuhamba ngayo ayiyikuba ngeyodumo lwakho , ngokuba uJehova uyakumthengisa uSisera esandleni sowesifazane . Wayesesuka uDebora , wahamba noBaraki , baya eKedeshi.