UJehova wathi kuJoshuwa: Sukuma; uweleni kanje ngobuso bakho na?
Sukuma, Jehova, ngentukuthelo yakho, uvuke ngenxa yolaka lwezitha zami, ungimele; ngokuba uyalezile ukwahlulela.
Sukuma, usisize, usihlenge ngenxa yomusa wakho.
Wathi kumuntu onesandla esishwabeneyo: Sukuma, ume phakathi.
Kepha waz azi izizindlo zabo wathi kuyo indoda esandla sishwabene : Sukuma, ume phakathi. Wasukuma-ke, wema.
Wayesethi kuye: Sukuma uhambe; ukukholwa kwakho kukusindisile. Umbuso kaNkulunkulu; ukubuya kweNdodana yomuntu
Kodwa uZakewu wa sukuma, wathi eNkosini : Bheka, Nkosi, ngipha abampofu inxenye yempahla yami ; kuthi uma ngimaphucile umuntu into ngamacebo, ngiyibuyisa iphindwe kane.
UJesu wathi kuye: Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uhambe.
sukuma-ke, wehle, uhambe nabo, ungangabazi ngalutho, ngokuba yimina engibathumileyo. Ukufika kukaPetru endlini kaKorneliyu
Kepha uPetru wamvusa wathi: Sukuma, nami ngingumuntu nje.
Ngezwa izwi lithi kimi: Sukuma, Petru; hlaba, udle.
wathi ngezwi elikhulu : Sukuma, ume ngezinyawo zakho . Yayisigxuma, yahamba.
Manje-ke ulibalelani na? Sukuma, ubhapathizwe, uhlambulule izono zakho ngokukhuleka egameni lakhe.
Kepha sukuma , ume ngezinyawo z akho; ngokuba ngibonakele kuwe ngalokho ukuba ngikumise ube yisikhonzi nofakazi walokhu kungibona kwakho nowalokhu engizakuzibonakalisa kuwe ngakho,
Nganikwa uhlanga lufana nenduku , kwathiwa: Sukuma, ulinganise ithempeli likaNkulunkulu, ne-altare, nabakhulekayo kulo.