"thana"
15 occurrences in ZUL
UJehova wayesethi kuMose : Vuka ekuseni kusasa , ume phambi kukaFaro; bheka, uyaphuma ukuya emanzini ; thana kuye : U Jehova usho kanje , uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe bangikhonze.
Thana ngabo: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Noma ngibadedisele kude phakathi kwezizwe, ngabahlakazela emazweni, ngaba yindlu engcwele nokho kubo isikhashana emazweni ababehlakazelwe kuwo.
Ngalokho thana: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakunibutha ezizweni, nginiqoqe emazweni enihlakazekelwe kuwo, ngininike izwe lakwa-Israyeli.
Thana kubo: Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Lesi siprofetho ngesesikhulu saseJerusalema nesabo bonke abendlu yakwa-Israyeli abaphakathi kwalo.
Thana: Ngiyisibonakaliso senu ; njengalokho ngenzile , kuyakwenziwa kanjalo kubo; bayakuya ekuthunjweni, baboshwe.
Ngalokho thana kubo: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwenza ukuba siphele leso saga , bangabe besafanisa ngaso kwa -Israyeli, kepha khuluma kubo ngokuthi: Izinsuku sezisondele nokugcwaliseka kwemibono yonke.
Ngalokho thana kubo : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Akusayikulitshaziswa zwi, kepha izwi engiyakulikhuluma liyakwenzeka, isho iNkosi uJehova.
Thana: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Uyakuphumelela na? Aluyikusiphula izimpande zawo , lunqume izithelo zawo , ukuze ubune , kubune onke amaqabunga ahlumelelayo , bese kungafuneki amandla amakhulu nabantu abaningi ukuwusiphula ngezimpande zawo, na?
Thana kuyo indlu ehlubukayo: Anazi ukuthi lezi zinto ziyini? Yisho ukuthi: Bheka, inkosi yaseBabele yafika eJerusalema, yathatha inkosi yalo nezikhulu zalo, yabayisa kuyo eBabele.
Ngalokho thana kuyo indlu yakwa-Israyeli: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Niyakuzingcolisa ngendlela yawoyihlo, nilandele ngokuphinga okuzondekayo kwabo, na?
Ndodana yomuntu, profetha uthi: Isho kanje iNkosi, ithi: Thana: Inkemba, inkemba iloliwe, futhi iphucuziwe.
Wena ndodana yomuntu , profetha uthi : Isho kanje iNkosi uNku lunkulu ngabantwana bakwa -Amoni nangehlazo labo , ithi: Thana wena: Inkemba, inkemba ihoshiwe, iphucuzelwe ukubulala nokuqothula, ibe njengonyazi,
Ndodana yomuntu, thana kuso isikhulu saseTire: Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba inhliziyo yakho iziphakamisile , wathi: Ngingunkulunkulu, ngihlala esihlalweni sikaNkulunkul u enhliziyweni yolwandle , ingani ungumuntu, ungesiye uNkulunkulu , noma umise inhliziyo yakho njengenhliziyo kaNkulunkulu