Ngaleso sikhathi babe nesiboshwa esidumileyo esithiwa uBaraba.
Ngakho sebebuthene, uPilatu wathi kubo : Nithanda ukuba nginikhululele bani, uBaraba nokuba uJesu othiwa uKristu, na?
Kepha abapristi abakhulu namalunga bancenga izixuku ukuba zicele uBaraba, zimbulale uJesu.
Wayesephendula umbusi , wathi kubo : Nithanda ukuba nginikhululele muphi kulaba ababili na? Bathi: UBaraba.
Wayesebakhululela uBaraba , kepha wamshaya uJesu , wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni.
Kepha abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba okungcono asikhululele uBaraba.
Khona uPilatu ethanda ukudelisa isixuku wasikhululela uBaraba , kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni.
Kepha bamemeza kanyekanye, bathi: Susa lo, usikhululele uBaraba,
Khona babuye bamemeza bonke , bathi: Qha lona, kodwa uBaraba. Kepha uBaraba wayengumphangi.