Umpristi, indodana ka -Aroni, ubeyakuba namaLevi , lapho amaLevi amukela okweshumi ; amaLevi ayakukhuphulela okweshumi kokweshumi endlini kaNkulunkulu wethu emakamelweni endlini yengcebo.
Uma bekuhambahamba umunt u okhuluma umoya nje namanga , athi: Ngiyakuprofetha kuwe ngewayini nangophuzo olunamandla , ubeyakuba ngumprofethi walaba bantu.