Kepha izikhulu zamaFilisti zamthukuthelela; izikhulu zamaFilisti zathi kuye: Buyisa lowo muntu ukuba abuyele endaweni yakhe om mise kuyo, angehleli nathi empini, funa abe yisitha sethu empini , ngokuba lona ubeyakuyigculisa ngani inkosi yakhe kungengamakhanda alawo madoda na?