Skip to Content

"ubileyamu"

34 occurrences in ZUL

UBileyamu wathi kuNkulunkulu: UBalaki indodana kaSipori , inkosi yakwaMowabi, uthumile kimi wathi:

UBileyamu wavuka ekuseni , wathi kuzo izikhulu zikaBalaki : Buyelani ezweni lakini, ngokuba uJehova uyangalela ukuba ngihambe nani.

Izikhulu zakwaMowabi zasuka , zaya kuBalaki , zathi: UBileyamu uyala ukufika nathi.

UBileyamu waphendula wathi kuzo izinceku zikaBalaki : Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova uNkulunkulu wami ukwenza okuncane nokukhulu.

UBileyamu wa vuka ekuseni , wabophela imbongolo yakhe , wahamba nezikhulu zakwaMowabi.

Imbongolo yab ona ingelosi kaJehova imi endleleni , inenkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo ; imbongolo yachezuka endleleni , yaya ensimini, kepha uBileyamu wayishaya imbongolo ukuyibuyisela endleleni.

UBileyamu wathi embongolweni : Ngokuba ungiswabulele; sengathi ngabe kukhona inkemba esandleni sami, ngokuba ngabe sengikubulele.

Wathi uBileyamu k uyo ingelosi kaJehova : Ngonile; ngokuba bengingazi ukuthi umi endleleni umelene nami; ngalokho uma kukubi emehlweni akho , ngiyakubuyela emuva.

Yayisithi ingelosi kaJehova kuBileyamu: Hamba nalawa madoda, kepha lelo zwi kuphela engiyakulikhuluma kuwe uyak ulikhuluma. UBileyamu wayesehamba nezikhulu zikaBalaki.

UBalaki esezwa ukuthi uBileyamu uyeza , waphuma ukumhlangabeza e -Iri Mowabi elisemkhawulweni wase-Arinoni, liseceleni komkhawulo.

UBileyamu wathi kuBalaki : Bheka, sengifikile kuwe, anginamandla nokho manje okukhuluma utho . Izwi uNkulunkulu alifaka emlonyeni wami , ngiyakukhuluma lona.

UBileyamu wahamba noBalaki, bafika eKiriyati Husoti.

Kwathi ekuseni uBalaki wamthatha uBileyamu , wamyisa ezindaweni eziphakemeyo zikaBali, wabona elapho inxenye yabantu.

UBileyamu wathi kuBalaki : Ngakhele lapha ama -altare ayisikhombisa , ungilungisele lapha izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa.

UBalaki wenza-ke njengalokho uBileyamu ekhulumile ; oBalaki noBileyamu banikela kulelo nalelo altare inkunzi nenqama.

UBileyamu wathi kuBalak i: Yima ngasemnikelweni wakho wokushiswa , mina ngihambe ; mhlawumbe uJehova angafika ukungihlangabeza ; konke angitshengisa khona ngiyakukutshela. Waya edulini elingenalutho.

Kepha uBileyamu waphendula, wathi kuBalaki: Angikutshelanga yini ukuthi konke uNkulunkulu akukhulumayo ngiyakukwenza na?

UBalaki wamyisa uBileyamu esiqongweni sasePeyori elibheke ngenzansi ngasehlane.

UBileyamu wayesethi kuBalaki : Ngakhele lapha ama -altare ayisikhombisa, ungilungisele izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa.

UBalaki wenza -ke njengalokho eshilo uBileyamu ; wanikela ngenkunzi nangenqama kulelo nalelo altare.

UBileyamu esebonile ukuthi kwakukuhle kuJehova ukubusisa u -Israyeli, akayanga njengakuqala ukulindela imilingo , kepha wabhekisa ubuso bakhe ngasehlane.

UBileyamu waphakamisa amehlo akhe , wabona u -Israyeli ehlezi ngokwezizwe zakhe; uMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe.

Wayesethatha isisho sakhe , wathi: UBileyamu indodana kaBeyori uthi , umuntu omehlo akhe avuliwe uthi,

Ulaka lukaBalaki lwamvuthela uBileyamu , washaya izandla zakhe; uBalaki wathi kuBileyamu : Ngakubiza ukuba uqalekise izitha zami ; bheka, ubabusisile nokubabusisa kathathu.

UBileyamu wathi kuBalaki : Angikhulumanga yini kuzo izithunywa zakho owazithuma kimi ukuthi:

Wayesethatha isisho sakhe , wathi: UBileyamu indodana kaBeyori uthi , umuntu oso lakhe livuliwe uthi,

UBileyamu wayesesuka , wahamba, wabuyela endaweni yakhe ; uBalaki wahamba ngeyakhe indlela.

ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe , nangokuba baqasha ukuba kumelane nawe uBileyamu indodana kaBeyori wasePethori laseMesopotamiya ukuba akuqalekise.

UJehova uNkulunkulu wakho akamlalelanga nokho uBileyamu , kepha uJehova uNkulunkulu wakho waphendula isiqalekiso saba yisibusiso kuwe , ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho wakuthanda.

UBileyamu indodana kaBeyori , umbhuli, naye bambulala abantwana bakwa-Israyeli ngenkemba phakathi kwabanye ababulawa yibo.

Kwase kuvuka uBalaki indodana kaSipori , inkosi yakwaMowabi, walwa no- Israyeli; wathuma wabiza uBileyamu indodana kaBeyori ukuba aniqalekise,

kepha angithandanga ukumlalela uBileyamu , kodwa kakhulu wanibusisa , nganophula esandleni sakhe.

ngokuba abahlangabezanga abakwa -Israyeli ngesinkwa namanzi , kepha babaqashela uBileyamu ukuba abaqalekise ; kodwa uNkulunkulu wethu waphendula isiqalekiso saba yisibusiso.

Bantu bami, ake nikhumbule okwacetshwa nguBalaki inkosi yakwaMowabi, nalokho amphendula ngakho uBileyamu indodana kaBeyori , nokwakuphakathi kweShithimi neGiligali , nize nazi izenzo ezilungileyo zikaJehova.