Kepha u -Elisha wathi enkosini yakwa -Israyeli: Nginamsebenzi muni nawe na? Hamba uye kubaprofethi bakayihlo nakubaprofethi bakanyoko . Kepha inkosi yakwa -Israyeli yathi kuye : Hhayi, ngokuba uJehova ubizile lawo makhosi amathathu ukuwanikela esandleni sakwaMowabi.