UJehova wadlula phambi kwakhe , wamemeza wathi : NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso,
bangahlambalazi muntu , bangabi yizilwi , babe ngabavileyo , bebonakalisa ubumnene obukhulu kubantu bonke.
Wena unginikile isihlangu sensindis o yakho; ubumnene bakho bungikhulisile.
Kepha wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo, onomusa nokubekezela, uvame ubumnene nokuthembeka.
Kumbe uyayidelela yini ingcebo yobumnene , neyokubekezela, neyenyewe yakhe, ungazi ukuthi ubumnene bukaNkulunkulu bukuyisa ekuph endukeni na?