Skip to Content

"ubupristi"

8 occurrences in ZUL

Uyakumisa u -Aroni namadodana akhe , bagcine ubupristi babo ; umfokazi osondelayo uyakubulawa.

Wena namadodana akho kanye nawe niyakugcina ubupristi kukho konke okwe-altare, nakukho konke okuphakathi kwesihenqo ; niyakukhonza; ngiyaninika ubupristi njengenkonzo yesipho ; umfokazi osondelayo wobulawa.

Ngokuba amaLevi awanasabelo phakathi kwenu , lokhu ubupristi bukaJehova buyifa lawo ; oGadi noRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase sebamukela ifa labo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga abanika lona uMose inceku kaJehova.

Bakhumbule, Nkulunkulu wami , ngokuba bangcolisile ubupristi nesivumelwano sabapristi nesamaLevi.

Nalabo bamadodana kaLevi abamukeliswa ubupristi banomyalo wokuthatha okweshumi kubantu ngokomthetho , okungukuthi kubafowabo , ingani baphume okhalweni luka-Abrahama;

Ngokuba uma ubupristi buguquliwe , kuyadingeka ukuba kuguqulwe nomthetho.

nakhiwe njengamatshe aphilileyo , nibe yindlu yokomoya , ubupristi obungcwele, ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngaye uJesu Kristu.

kepha nina niluhlanga olukhethiweyo , ubupristi obobukhosi , isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo , ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni , ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;