Nxa sengithuma u-Arethema noma uThikhiku kuwe , woshesha ukuza kimi eNikopholi; ngokuba nginqumile ukuthi ngizakuhlala lapho ubusika.
ngokuba bheka, ubusika budlulile; imvula isiphelile, yamuka;
Emva kwezinyanga ezintathu sase simuka ngomkhumbi wase -Aleksandriya owawudlulisa ubusika esiqhingini, uphawu lwawo lungolwamaWele.
Shesha ufike, kungakangeni ubusika. Bakhonza kuwe o -Evubulu, noPhude, noLinu, noKlawudiya, nabo bonke abazalwane.