Skip to Content

"ubusisiwe"

48 occurrences in ZUL

Wathi futhi : Ubusisiwe uJehova , uNkulunkulu kaShemi , uKhanani abe yisigqila sabo.

ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.

ngalokho ake uze manje , ungiqalekisele laba bantu, ngokuba bayangahlula; mhlawumbe ngingaze ngibe namandla ukuba sibanqobe , ngibaxoshe ezweni, ngokuba ngiyazi ukuthi ombusisayo ubusisiwe, nomqalekisayo uqalekisiwe.

Ubusisiwe wena Israyeli ; ngubani ofana nawe , isizwe esisindisiwe nguJehova oyisihlangu sosizo lwakho , oyinkemba yakho ephakanyisiweyo. Izitha zakho ziyakuzithobela wena, unyathele izindawo zabo eziphakemeyo.

Ubusisiwe umuntu owesaba njalo , kepha oyenza lukhuni inhliziyo yakhe uyakuwela ebubini.

Lapho kungekho mbono khona , abantu bayadlubulunda , kepha ogcina umthetho ubusisiwe.

Kepha ijuba lami , opheleleyo wami munye nje ; ungoyedwa kunina , ungokhethiweyo wakhe owamzalayo. Amantombazana ayamb ona, athi ubusisiwe; amakhosikazi nezancinza bayamdumisa. Abangane:

Ubusisiwe wena lizwe onkosi yakho iyindodana yabakhulu, nezikhulu zakho zinedili ngesikhathi, ziziqinise, zingadakwa.

Bheka, ubusisiwe lowo muntu uNkulunkulu amlayayo; ngalokho ungadeleli ukukhuzwa nguSomandla.

Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, ongemi endleleni yezoni, ongahlali enkundleni yabaklolodayo,

Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe, osono sakhe sisibekelwe.

Ubusisiwe umuntu uJehova angambaleli isiphambeko , kungekho nkohliso emoyeni wakhe.

Yizwani nibone ukuthi uJehova muhle ; ubusisiwe lowo muntu ophephela kuye.

Ubusisiwe umuntu obeka ithemba lakhe kuJehova , ongaphendukeli kwabazidlayo nakwabaphambukela emangeni.

Ubusisiwe onakekela ohluphekayo; uJehova uyakumsindisa osukwini olubi.

Ubusisiwe omkhethayo wena, omsondezayo ukuba ahlale emagcekeni akho; siyakusutha ngokuhle kwendlu yakho, ithempeli lakho elingcwele.

Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe , abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo.

Jehova Sebawoti, ubusisiwe umuntu okwethembayo.

Jehova, ubusisiwe lowo muntu omyalayo, omfundisayo ngomthetho wakho,

Haleluya! Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova , othokoza kakhulu ngemithetho yakhe.

Ndodakazi yaseBabele , wena oyakubhujiswa , ubusisiwe oyakuphindisela kuwe izenzo zakho owazenza kithina.

Ubusisiwe oyakubamba abancane bakho, abaphahlaze edwaleni.

Ubusisiwe yena omsizi wakhe unguNkulunkulu kaJakobe , othemba lakhe likuJehova uNkulunkulu wakhe

Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakanipha nomuntu ozuza ingqondo,

Ubusisiwe umuntu ongizwayo , elinda imihla ngemihla ngasemasangweni ami, ehlala ngasezinsikeni zeminyango yami.

Odelela umakhelwane wakhe uyona , kepha onomusa kwabampofu ubusisiwe.

Onakekela izwi uyakufumana okuhle, nowethembayo kuJehova ubusisiwe.

Ubusisiwe umuntu owenza lokhu, nendodana yomuntu ebambelela kukho , ogcina isabatha engaloni , osibamba isandla sakh e ukuba singenzi nakuphi okubi.

Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova, nothemba lakhe linguJehova.

Ubusisiwe olindayo afinyelele e zinsukwini eziyinkulungwane namakhulu amathathu namashumi amathathu nanhlanu.

UJesu waphendula, wathi kuye: Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu kodwa uBaba osezulwini.

Izixuku ezazihamba pha mbili nezazimlandela zamemeza zathi : Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide ! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi . Hosiyana kweliphezulu!

Ababehamba phambili nababelandela bamemeza bathi : Hosiyana! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.

Ubusisiwe umbuso ozayo kababa uDavide. Hosiyana kweliphezulu!

Yangena ingelosi kuye , yathi: E wena ophiwe umusa ! INkosi inawe ; ubusisiwe esifazaneni.

wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: Ubusisiwe wena esifazaneni! Sibusisiwe nesithelo sesisu sakho!

Ubusisiwe owakholwayo, ngokuba kuzakuba khona ukufezeka kwalokho akutshelwa, kuvela eNkosini.

ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.

Esezwile lokho omunye wababehlezi naye ekudleni , wathi kuye: Ubusisiwe lowo oyakudla isinkwa embusweni kaNkulunkulu.

sithi: Ubusisiwe uMbusi ozayo egameni leNkosi , ukuthula ezu lwini nenkazimulo kweliphezulu!

bathatha amahlamvu esundu, baphuma ukumhlangabeza. Bamemeza bathi: Hosiyana! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi, yebo, iNkosi ka-Israyeli.

ubusisiwe umuntu iNkosi engayikumbalela isono. U-Abrahama wamukeliswa isithembiso ngokukholwa.

Ukukholwa onakho , yiba nakho ngokwakho phambi kukaNkulunkulu . Ubusisiwe ongazahluleli ngalokho akukhethayo;

Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni ; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.

Ubusisiwe ofundayo nabo abawezwayo amazwi alesi siprofetho , bagcine okulotshiweyo kuso, ngokuba isikhathi siseduze. UJohane uyabingelela amabandla ayisikhombisa

Bheka, ngiyeza njengesela ; ubusisiwe olindayo , alonde izingubo zakhe ukuba angabi ngohamba ze, baze balibone ihlazo lakhe.

Ubusisiwe, ungcwele onesabelo ekuvukeni kokuqala; kulabo ukufa kwesibili akunamandla, kepha bayakuba ngabapristi bakaNkulunkulu nabakaKristu, babuse kanye naye iminyaka eyinkulungwane. Ukukhululwa kukaSathane

Bheka, ngiyeza masinyane . Ubusisiwe ogcina amazwi esiprofetho s ale ncwadi.