Udadewenu omkhulu uyiSamariya elihlezi namadodakazi alo ngakwesokhohlo sakho; udadewenu omncane ohlezi ngakwesokunene sakho uyiSodoma namadodakazi alo.
Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, iSodoma udadewenu alenzanga lona namadodakazi alo njengalokho wenzile wena namadodakazi akho.
Ngokuba udadewenu iSodoma akaphathwanga ngomlomo wakho ngosuku lokuzidla kwakho,