Khona uDariyu wakhi pha isimemezelo , kwacingwa endlini yezincwadi , lapho ingcebo yayibekelelwa khona eBabele.
Khona uThathenayi umb usi waphesheya koMfula , noShethari Bozenayi , nabangane babo benza kanjalo ngesineke sonke , ngokuba uDariyu inkosi wayethumele.
UDariyu umMede wamukela umbuso eneminyaka engamashumi ayisithupha nambili.
Ngokunjalo inkosi uDariyu yayisiloba umbhalo nesiyalezo.
UDariyu inkosi wayeselobela bonke abantu , nezizwe, nezilimi ezikhona emhlabeni wonke ukuthi: Ukuthula makwande kinina.
Kwathi ngomnyaka wesine wenkosi uDariyu izwi likaJehova lafika kuZakariya ngolwesine lwenyanga eyisishiyagalolunye, ekaKhisilevi.