Skip to Content

"udebora"

6 occurrences in ZUL

UDebora umzanyana kaRebeka wafa , wembelwa ngenzansi neBethele phansi kwe-oki; igama lalo labizwa ngokuthi i-Alonibakuti. Ukuzalwa kukaBenjamini nokufa kukaRaheli

UDebora umprofethikazi , umkaLapidoti, wahlulela u -Israyeli ngaleso sikhathi.

Wathi kuye: Impela ngiyakuhamba nawe, kodwa indlela oyakuhamba ngayo ayiyikuba ngeyodumo lwakho , ngokuba uJehova uyakumthengisa uSisera esandleni sowesifazane . Wayesesuka uDebora , wahamba noBaraki , baya eKedeshi.

UBaraki wabiza oZebuloni noNafetali ukuba beze eKedeshi ; kwakhuphuka abantu abayizinkulungwane eziyishumi ezinyathelweni zakhe ; naye uDebora wakhuphuka naye.

UDebora wathi kuBaraki: Vuka, ngokuba yilolu suku uJehova anikele ngalo uSisera esandleni sakho; uJehova akaphumanga phambi kwakho na? UBaraki wehla entabeni yaseThabori nabantu abayizinkulun gwane eziyishumi e mva kwakhe.

Izikhulu zakwa-Isakare zazinaye uDebora; njengo-Isakare, kanjalo noBaraki; behlela ngokushesha esigodini ezinyathelweni zakhe . Ngaseminonjaneni yakwaRubeni kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.