Umpristi onikela ngawo ngesono wowudla , udliwe endaweni engcwele egcekeni letende lokuhlangana.
Bonke abesilisa phakathi kwabapristi bayakuwudla , udliwe endaweni engcwele; ungcwelengcwele.
Bheka, uyafakwa emlilweni ukuba udliwe , ziqedwe ngumlilo izihloko zawo zombili, kuhanguke okuphakathi kwazo; usulungele umsebenzi na?
Uyakuwa ezintabeni zakwa -Israyeli, wena namaviyo akho onke , nabantu abanawe, ngikunikele ezinyonini eziyoculayo zezinhlobo zonke nasezilwaneni zasendle ukuba udliwe.