Abadobi bayakukhala , balile, bonke abaphonsa udobo eNayile; nabeneka amanetha emanzini bayakudabuka.
Kodwa-ke ukuba singabakhubekisi, yana elwandle, uphonse udobo, ubambe inhlanzi ephuma kuqala ; wothi ukuba uyivule umlomo , uzakufumana imali; yithathe, ubanike, usithelele mina nawe.