Skip to Content

"udrako"

9 occurrences in ZUL

Ngalolo suku uJehova uyakuhambel a ngenkemba yakhe elukhuni enkulu nenamandla uLeviyathani, inyoka esheshayo , uLeviyathani, inyoka ethandelayo, abulale udrako oselwandle.

Vuka, vuka, wembathe amandla wena mkho no kaJehova , vuka njengasezinsukwini zasendulo , ezizukulwaneni zamandulo . Akusuwe owamnquma kabili uRahabi, wamgwaza udrako, na?

Kwabonakala esinye isibonakaliso ezulwini; bheka, nango udrako omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi , nasemakhanda akhe enemiqhele eyisikhombisa;

Wayesephonswa phansi udrako omkhulu , inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke , waphonswa phansi emhlabeni , nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye.

Kuthe udrako esebona ukuthi usephonswe phansi emhlabeni , wazingela owesifazane owayezale umntwana wesilisa.

Umhlaba wamsiza owesifazane , umhlaba wakhamisa umlomo waw o, wawuminza umfula owawukhwifa udrako ngomlomo wakhe.

Udrako wamthukuthelela owesifazane , wamuka, wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe , labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.

Isilo engasibonayo sasifana nengwe , nezinyawo zaso zazinjengezebhere , nomlomo waso wawunjengomlomo wengonyama . Udrako wasinika amandla akhe, nesihlalo sakhe sobukhosi, nokubusa okukhulu.

Yambamba udrako , inyoka endala , onguMhlebi noSathane , yambopha iminyaka eyinkulungwane,