Ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngoFaro inkosi yaseGibithe , uthi kuye: Wazifanisa nebhongo lengonyama phakathi kwezizwe , kepha unjengodrako elwandle, lapho ufohlela emifudlaneni yakho , unyakazisa amanzi ngasezinyaweni zakho, udunga izikhukhula zawo.