UDavide wayesethi ku -Uriya: Yehla uye endlini yakho, ugeze izinyawo zakho. U-Uriya waphuma endlini yenkosi , kwamlandela isipho sokudla esivela enkosini.
U-Elisha wathuma isithunywa kuye ngokuthi : Hamba ugeze kasikhombisa eJordani; kuyakuthi inyama ibuyele kuwe, uhlambuluke.
Kepha wena, nxa uzila, gcoba ikhanda lakho, ugeze ubuso bakho,
Waphendula yena , wathi: Umuntu othiwa uJesu wenza udaka , wagcoba amehlo ami, wathi kimi: Yana eSilowama, ugeze. Ngaya, ngageza, ngabona.